Joyina umndeni we-Paxful

Lapha e-Paxful, silwela ukwenza izinguquko eziphawulekayo ekuphileni kwabantu kwansuku zonke. Sikholelwa ukuthi inkululeko engokwezimali iyilungelo lawo wonke umuntu futhi sihlose ukwenza lokhu kube yinto engokoqobo. Yiba yingxenye yomzamo wethu futhi wenze umehluko!

Ingabe ufuna ukwazi ukuthi iyini i-Paxful? Bukela le vidiyo enhle uthole impendulo!

Joyina umndeni we-Paxful
Ithimba labaphathi be-Paxful

Indaba yethu

I-Paxful yasungulwa ngo-2015 ivela ezingqondweni zabasunguli uRay Yousef kanye no-Artur Schaback, ababenephupho lokuthi izinkonzo nemikhiqizo yezimali itholakale kuwo wonke umuntu oyifunayo. Namuhla, i-Paxful ingenye yezimakethe ezinkulu ze-Bitcoin peer-to-peer emhlabeni, isiza amakhasimende angaphezu kwezigidi ezintathu emhlabeni. Ushintsho lwe-P2P selufikile.

U-Artur Schaback & U-Ray Youssef

Ithimba labaphathi be-Paxful

Kunjani ukusebenza e-Paxful?

Ukusebenza e-Paxful kuyinto engavamile. Njengoba inamahhovisi amane athe chithi saka emhlabeni, amathimba ethu ahlale esebenza. Sisebenza kanzima, sidlale kakhulu, bese sisebenza nakakhulu ukuze siqinisekise ukuthi sihlala sihamba phambili. Ngokuvamile uzothola izisebenzi zase-Paxful zidlala umculo, zizivocavoca, zihlafuna okuthile noma zizipholele elangeni. Kungase kubonakale sengathi siyadlala kodwa sibizana ngokuthi siwumndeni ngoba siyathandana futhi siyakuthanda esikwenzayo.

Amahhovisi ethu

I-Tallinn, e-Estonia

Ngokuvamile i-Tallinn ibhekwa njenge-“Silicon Valley” yaseYurophu. Idolobha elincane kodwa elichumayo elaziwa ngamabhizinisi alo amancane akhangayo kanye nezakhiwo zakudala ezinhle. Umoya wabantu lapha wokusungula okusha kanye nokucabanga ngendlela evulekile, wenza i-Estonia ibe yindawo enhle ithimba lethu lemikhiqizo elingenza kuyo imikhiqizo esezingeni eliphezulu neshintsha ukuphila.

Ihhovisi lethu e-Tallinn
Ihhovisi lethu e-Tallinn
Ihhovisi lethu e-Tallinn

I-New York, e-USA

I-New York City ingenye yezikhungo ezinkulu zezimali emhlabeni futhi ibe yindawo efanele ekhethiwe i-Paxful engakhula kuyo kuyilapho iheha labo engasebenzisana nabo. Njengoba iqale iyinkampani enabantu ababili kuphela, ihhovisi lase-New York liye lakhula ngokushesha laba namalungu asebenza eminyangweni ehlukahlukene, kuhlanganise umnyango wezomthetho kanye namathimba okulandelwa kweziqondiso asebenza ngokuzikhandla ukuba akhuphule i-Paxful ibe nkulu nakakhulu.

Bheka izikhundla ezivulekile
Ihhovisi lethu e-New York
Ihhovisi lethu e-New York
Ihhovisi lethu e-New York

E-Hong Kong

I-Hong Kong iyindawo echichimayo ngokwamasiko eye yakhula yaba ngenye yezindawo zebhizinisi ezimatasa kakhulu emhlabeni. Ihhovisi lase-Hong Kong liyikhaya lamathimba ethu okukhangisa nokuthuthukiswa kwebhizinisi, athatha amagxathu amakhulu ekuxhumeni izimakethe zase-Asia nomhlaba jikelele.

Bheka izikhundla ezivulekile
Ihhovisi lethu e-Hong Kong
Ihhovisi lethu e-Hong Kong
Ihhovisi lethu e-Hong Kong

I-Manila, e-Philippines

I-Manila iyidolobha eliyinhloko kwezomnotho, ezombusazwe, ezenhlalo nezesiko e-Philippines. Enye yezimboni ezinamandla nezikhula ngokushesha e-Manila yi-information technology-business process outsourcing (IT-BPO). Yingakho i-Manila yakhethwa ukuba ihambe phambili emathimbeni ethu ajabulisa amakhasimende nakhangisayo.

Bheka izikhundla ezivulekile
Ihhovisi lethu e-Manila
sIhhovisi lethu e-Manila
Ihhovisi lethu e-Manila

Umsebenzi wethu

Umgomo wethu yinkululeko ngokomnotho ngezezimali ze-peer-to-peer. Ngenkundla evikelekile nenembile eyakhiwa amakhasimende aqinisekisiwe, sihlose ukuvula amasango ezimali emhlabeni futhi siguqule zonke izimali. Libeka imfundo phambili, ithimba lethu lifuna ukusiza abantu abavela kuwo wonke umhlaba baxhumane futhi bakhe ubuhlobo nomunye nomunye, okubavumela ukuba bafunde futhi bakhule ndawonye. Ekugcineni kumayelana nokwenza umehluko ohlala njalo ekuphileni kwabantu yonke indawo. Ushintsho olungokoqobo olulethwa abantu abangokoqobo.

Sizokusekela

Siyayikhathalela impilo yakho

Sihlinzeka ngokudla kwasemini nokwakusihlwa nsuku zonke, ukuba yilungu lendawo yokuzivocavoca oyithandayo, imithi ehlukahlukene eyizithasiselo zempilo, ukubhucungwa, kanye nemicimbi yempilo yethimba. Ukubonana nodokotela abasezingeni eliphezulu nge-inthanethi.

Sizibophezele ekukhuleni kwakho

Kusukela ekuboneni amayunivesithi kuwo wonke umhlaba kuya ekukunikezeni izinsiza ezingenamkhawulo zokuqeqesha kanye nokukhula emsebenzisi, sikholelwa ukuthi ukuphela kwendlela yokuthuthuka ukuqhubeka ukhula futhi ufunda.

Siyakuthanda ukukhululeka

Ukushintsha umhlaba akulula. Ngakho ukulinganisela kuwo wonke umsebenzi onzima, sihlinzeka ngemisebenzi, imicimbi kanye nokuzikhipha okukhokhelwa yinkampani ukuze uzijabulise, ubone ezinye izinto, futhi uxhumane nabanye osebenza nabo kwamanye amazwe.

slider-image1
slider-image2
slider-image3
slider-image4
slider-image5

Iminyango

Ukwakhiwa Kwesofthiwe

Injini ye-Paxful. Amathimba ahlukahlukene okukhiqiza asebenza ndawonye ngokushesha okukhulu, ahlala enza imikhiqizo emisha, ethuthukisa esikhona kakade futhi ecabanga ngokungenziwa esikhathini esizayo ngezezimali ze-peer-to-peer.

Umkhiqizo

Amathimba ahlukahlukene okukhiqiza asebenza ndawonye ngokushesha okukhulu, ahlala ecabanga ngezindlela ezintsha zokuthuthukisa okuthandwa abasebenzisi. Abaklami, Abaphathi Bomkhiqizo kanye Nabahlaziyi besebenzisa amakhono abo, bashintsha imibono ibe yimikhiqizo nezinto ezisebenzisekayo.

Ukuthobela Iziqondiso, Ukukhwabanisa Kanye Nokuthandwa Amakhasimende

Umnyango we-Paxful omkhulu kakhulu uhlukanisiwe waba semazwekazini ahlukahlukene ukuze kuqikelelwe ukusekelwa nokuxazululwa kwemibango 24/7. La mathimba asebenzela ukuphephisa inkundla yethu kanye nabasebenzisi, ukuqikelela ukuthi imithetho eyimfuneko iyalandelwa kanye nokuhlolwa kwe-blockchain okuthe thuthu.

Ukumaketha

Laba ngabantu abachazela wonke umuntu emhlabeni ngezezimali ze-peer-to-peer. Besebenzisa ezokusakaza ezivamile kanye nezesimanje, bahlose ukufinyelela abantu emhlabeni wonke ngemfundo, ngokuqukethwe nangokwakha umphakathi.

Ezezimali

Le minyango ifana namafutha emshinini wethu. Iqikelela ukuthi izincwadi zethu zezimali zihlelekile nokuthi imisebenzi yethu ilandela imithetho.

Ukusebenza Kwabantu

Abantu abaqikelela ukuthi i-Paxful ihlala iyindawo yokusebenza engcono kakhulu! Baqondisa yonke imizamo yabantu bethu, baqondise nazo zonke izindaba eziphathelene nokuthuthuka kwenhlangano, kanye nokunakekela ukulawulwa kwehhovisi kuhlanganise namanye amaphrojekthi okuphatha ahlukahlukene.

Indlela yokujoyina umndeni we-Paxful

Umsebenzi ovumelana nawe kanye nesicelo somsebenzi

Lungiselela ucingo

Ingxoxo yokuqala

Yini ongayenza ukuze uphumelele engxoxweni yomsebenzi?

  • Funda mayelana ne #BuiltWithBitcoin kanye nomsebenzi wethu wokufuna ukuthola ubulungisa kwezomnotho sisebenzisa i-Bitcoin.
  • Hlola izinkundla zethu zezokuxhumana. Uma ungazi ukuthi iyini i-Bitcoin, cwaninga ukuze uqonde okuyisisekelo mayelana nomthelela wayo kwezobuchwepheshe nezomnotho
  • Hlola ama-akhawunti ethu ezinkundla zokuxhumana ukuze uqonde isiko lethu kanye nendlela yethu yokuxhumana
  • Sitshele okungale kwalokho okubhalwe encwadini yakho yokufuna umsebenzi! Yini ekwenza uhluke kwabanye abantu?