Imigomo Yenkonzo Ye-Paxful Stablecoin

Usuku lokuqala ukusebenza: Mashi 4, 2021

SICELA UFUNDE LESI SIVUMELWANO NGOKUCOPHELELA. Ngokusebenzisa inkonzo ye-Paxful Stablecoin, uyavuma ukuboshwa yile "Migomo Yenkonzo Ye-Paxful Stablecoin" uyaqaphela futhi uyavuma ukuthi ufundisise ngokucophelela, waqonda futhi wamukela yonke imigomo nemibandela equkethwe lapha, eyenezela eMigomweni Yenkonzo Ye-Paxful ("Isivumelwano"). Noma yimaphi amagama abhalwe ngosonhlamvukazi abhaliwe kodwa angachaziwe ngezansi anencazelo echazwe Esivumelwaneni. Uma kuphakama ukungqubuzana phakathi Kwemigomo Yesevisi Yesivumelwano neye-Paxful Stablecoin phakathi noma ehlobene nokusebenzisa kwakho inkonzo ye-Paxful Stablecoin, kuyosebenza lokhu kwesibili.

Mayelana Ne-Paxful Stablecoin

Inkonzo ye-Paxful Stablecoin iyi-referral mechanism evumela wena njengomsebenzisi we-Paxful ofanelekayo, ukuba ungene ekuhwebeni kwe-peer-to-peer nenkampani eseceleni ekhethwe kusengaphambili (i-"Stablecoin Counterparty"), ekhethwe yi-Paxful, ukuze ushintshe i-Bitcoin yakho uthole ama-stablecoins nge-USD, azogcinwa yi-Stablecoin Counterparty ukuze kuzuze wena. Ngale ndlela, i-Paxful Stablecoin ikuvumela ukuba uphume ku-Bitcoin oyikhethile ungene ku-stablecoin.

I-Referral Mechanism

Inkonzo ye-Paxful Stablecoin iyi-referral mechanism yenjongo elinganiselwe etholakala enkundleni ye-Paxful. Lapho uveza isifiso sokuhweba ku-Paxful Stablecoin, i-Paxful izokuthumela ku-Stablecoin Counterparty ukuze niphothule ukuhweba. Kumelwe ulandele iziyalezo ozinikezwayo ukuze uthumele imigomo yakho yokuthengiswayo ku-Stablecoin Counterparty. Uma i-Stablecoin Counterparty yamukela imigomo yakho yokuthengiswayo, ukuhweba kuzophothulwa phakathi kwakho ne-Stablecoin Counterparty. Njengoba kunjalo ngokuhwebelana okuvamile okwenziwa emakethe yayo, i-Paxful ngeke ikwazi ukuhileleka, ukulawula, ukuba namandla, ukunquma noma ukuba negunya ekuhwebelaneni ku-Paxful Stablecoin okwenziwa noma okuzanywayo phakathi kwakho ne-Stablecoin Counterparty. I-Paxful ngeke igcine noma iyiphi i-stablecoins noma yeluleke noma iqondise noma yimuphi umsebenzisi we-Paxful ukuba agweme ama-stablecoins anjalo.

I-Stablecoin Counterparty ingase ibe neyayo imigomo nemibandela yokuhwebelana esevisini ye-Paxful Stablecoin, futhi inkonzo ye-Paxful Stablecoin ingase ihluke ngesilinganiso sokushintshwa kwemali, isivinini soshintsho, kanye neminye imigomo nemibandela efakwa yi-Stablecoin Counterparty ("Imigomo Ye-Stablecoin Counterparty"). Ngokuhwebelana ne-Stablecoin Counterparty uvuma ukuboshwa Yimigomo Ye-Stablecoin Counterparty. Imigomo Ye-Stablecoin Counterparty isebenza kuzo zonke izimo ngaphandle uma iphikisana noma iphula Isivumelwano, le Migomo Yesevisi Ye-Paxful Stablecoin, ingekho emthethweni, ingacabangeli noma uma kunzima ukuyilandela (njengoba kuvezwe ekunqumeni okwenziwa yi-Pexful nokungaphikiswa), noma uma wena kanye ne-Stablecoin Counterparty nivumelana ngokushintsha Imigomo Ye-Stablecoin Counterparty. KUWUMTHWALO WAKHO UKUFUNDA NGOKUCOPHELELA IMIGOMO YE-STABLECOIN COUNTERPARTY NOKUYILANDELA NGOKUNEMBILE. UMA UNGAYILANDELI IMIGOMO YE-STABLECOIN COUNTERPARTY, UKUHWEBA KWAKHO KUNGASE KWENQATSHWE. UNGALOKOTHI UNGENE EKUHWEBENI KWENKONZO YE-PAXFUL STABLECOIN NGAPHANDLE UMA ULANDELE YONKE IMIGOMO NEMIBANDELA EBEKIWE. UMA WEHLULEKA UKULANDELA IMIGOMO NEMIBANDELA, I-PAXFUL INGASE INGAKWAZI UKUKUSIZA ENQUBWENI YOKUBANGA UKUZE UTHOLE IZIMALI ZAKHO.

Izindleko

I-Paxful iyohlala ibeka konke obala ngezindleko zethu. Noma yiziphi izindleko zizosebenza ekusebenziseni kwakho inkonzo ye-Paxful. Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe kanye nokuthuthukiswe mayelana nezindleko zokushintsha imali, sicela ubhekisele Esikhungweni Sethu Sosizo.

Ama-akhawunti Afanelekayo kanye Nezindawo Ezibekelwe Imingcele

Inkonzo ye-Paxful Stablecoin yenziwa yatholakala kuphela kulabo basebenzisi abafanelekela le nkonzo. Ukuze ufanelekele ukusebenzisa inkonzo ye-Paxful Stablecoin, kumelwe uqinisekise i-akhawunti yakho futhi okungenani ube no-USD $1.00 we-Bitcoin esikhwameni sakho semali se-Paxful, kuhlanganise nanoma yiliphi inani elengeziwe le-Bitcoin okudingeka likhokhelwe ukuze kuhlangabezwane nezindleko ezihlobene. I-Paxful igodla ilungelo lokunqabela noma ukushintsha inkonzo ye-Paxful Stablecoin yanoma yimuphi umsebenzisi we-Paxful, futhi i-Stablecoin Counterparty ingase ikwenqabe noma yikuphi ukuthengiselana nanoma yimuphi umsebenzisi we-Paxful. Ngaphezu Kwemingcele Yendawo njengoba ichazwe eNgxenyeni 2.7 Yemigomo Yethu Yenkonzo, inkonzo ye-Paxful Stablecoin ayikho kubasebenzisi abahlala Esifundeni saseTexas.

AKUKHO UKUQINISEKISA, UMKHAWULO WESIBOPHO NOKUCABANGELA KOBUNGOZI

IZINKONZO ZE-PAXFUL STABLECOIN ZIHLINZEKWA "ZINJENGOBA ZINJALO" FUTHI ZINIKEZWA "LAPHO ZITHOLAKALA" NGAPHANDLE KWEZIQINISEKISO, UKUMELELWA NOMA IZITHEMBISO, EZISHIWO NGOMLOMO, EZISHIWO NGAPHANDLE KOKUKHULUMA NOMA EZIBHALWE PHANSI. NGOKWEZINGA ELIVUNYWA UMTHETHO OSEBENZAYO, I-PAXFUL ICHITHA NGOKUQONDILE NOMA YIZIPHI IZITHEMBISO ZESIHLOKO, UKUFANELEKELA INJONGO ETHILE KANYE NOMA UKUNGAPHULWA KOMTHETHO. I-PAXFUL AYIMELELI NOMA INIKEZE IZITHEMBISO ZOKUTHI UKUNGENA KUWEBUSAYITHI, KUNOMA IYIPHI INGXENYE YENKONZO, NAKUNOMA IYIPHI INTO EQUKETHWE, KUYOQHUBEKA, KUNGAPHAZAMISEKI, KUHAMBE NGESIKHATHI, NOMA KUNGABI NAMAPHUTHA. I-PAXFUL AYINAKUBEKWA ICALA NGANOMA YIKUPHI UKUHLULEKA KWAMASOFTHIWE NOMA EZOBUCHWEPHESHE BENKAMPANI ESECELENI, NOMA YIKUPHI UKUPHAZAMISEKA NOMA UKULAHLEKELWA UMSEBENZISI ANGASE ABHEKANE NAKHO. UYAQAPHELA FUTHI UYAMUKELA UKUTHI AWUZANGE UNCIKE KUNOMA YISIPHI ESINYE ISITATIMENDE NOMA UKUQONDA, OKUBHALIWE NOMA OKUKHULUNYWE NGOMLOMO, NGOKUPHATHELENE NOKUSEBENZISA KWAKHO KANYE NOKUNGENA KULEZI ZINKONZO NAKUWEBUSAYITHI. NGAPHANDLE KOKUNCIPHISA OSEKUSHIWO, UYAQAPHELA FUTHI UYAVUMA UKUTHI IZINGOZI EZIHLUKAHLUKENE EZIHAMBISANA NOKUSEBENZISA IMALI EYIDIJITHALI KUHLANGANISE KODWA KUNGAPHELELI EZINGOZINI EZIVAMILE, UKUNGASEBENZI KWEMISHINI, IZINKINGA ZESOFTHIWE, INKINGA YOKUXHUMA KU-INTHANETHI, ISOFTHIWE EYIGCIWANE, UKUPHAZAMISEKA OKUBANGELWA YIZINKAMPANI EZISECELENI OKUHOLELA EKULAHLEKELWENI NOMA UKUNGAKWAZI UKUNGENA KU-AKHAWUNTI YAKHO NOMA ISIKHWAMA SEMALI NOMA EMINYE IMINININGWANE YOMSEBENZISI, UKUNGASEBENZI KWESEVA NOMA UKULAHLEKA KWEMINININGWANE. UYAMUKELA FUTHI UYAQAPHELA UKUTHI I-PAXFUL NGEKE IBE NECALA NGANOMA YIZIPHI IZINKINGA ZOKUXHUMANA, UKUPHAZAMISEKA, AMAPHUTHA, UKUNGANEMBI NOMA UKWEPHUZA ONGASE UBHEKANE NAKHO LAPHO USEBENZISA IZINKONZO, KUNGAKHATHALISEKI UKUTHI ZIBANGELWE YINI.

AKUKHO SIMO LAPHO KHONA I-PAXFUL, KANYE NAMANXUSA AYO NEZINKONZO EZINIKEZWAYO, NOMA IZIKHULU ZAYO, ABAQONDISI, AMA-EJENTI, IZISEBENZI, ABELULEKI, ABABONISI NOMA ABAMELELI, BENGABA NECALA (A) LANOMA YILIPHI INANI ELIKHULU KUNENGQIKITHI YEZINDLEKO EZIKHOKHWE NGUWE ZENKONZO EZINYANGENI EZIYISHUMI NAMBILI (12) NGAPHAMBI KOKULAHLEKELWA OKUBE KHONA NOMA (B) NOMA YIKUPHI UKULAHLEKA KWEZINZUZO, UKUNCIPHA KWENANI NOMA ITHUBA LEBHIZINISI, NOMA YIKUPHI UKULAHLEKELWA, UMONAKALO, INKOHLAKALO NOMA UKWEBIWA KWEMININGWANE NOMA ENYE IMPAHLA ENGABAMBEKI NOMA NANOMA YIKUPHI UKULIMALA OKUKHETHEKILE, OKWENZEKE NGEPHUTHA, OKUNGAQONDILE, OKUNGABAMBEKI, NOMA OKUWUMPHUMELA WOKUTHILE, OKUSEKELWE ENKONTILEKENI, UKULIMALA, UKUNGANAKI, UKUBOPHEKA NOMA OKUNYE, OKUVELA NGOKUHAMBISANA NOKUSETSHENZISWA OKUGUNYAZIWE NOMA OKUNGAGUNYAZIWE KWEWEBUSAYITHI NOMA IZINKONZO, NOMA LESI SIVUMELWANO, NGISHO NOMA UMMELELI OGUNYAZIWE WE-PAXFUL ETSHELIWE NOMA AZI NOMA KUFANELE NGABE UBAZI NGETHUBA LOKUBA NOMONAKALO ONJALO, FUTHI KUNGAKHISHWA UKWEHLULEKA KWANOMA YISIPHI ISIVUMELWANO NOMA ESINYE ISIXAZULULO SALE NJONGO, NGAPHANDLE KWEZINGA LOKUGCINA LESAHLULELO ESITHI UMONAKALO ONJALO UBANGELWE UKUNGANAKI KWE-PAXFUL, UKUKHWABANISA, UKUZIPHATHA NGENDLELA ENGAFANELE NGAMABOMU NOMA UKUPHULWA KOMTHETHO KWANGAMABOMU. EMINYE IMITHETHO AYIKUVUMELI UKUKHISHWA NOMA UKUBEKWA KWEMIKHAWULO YOMONAKALO OWENZEKE NGEPHUTHA NOMA OWUMPHUMELA WOKUTHILE, NGAKHO IMIKHAWULO ENGENHLA INGASE INGASEBENZI.