Sicela ulinde ngesikhathi sisakufunela okungcono kakhulu ongakuthenga noma ongakuthengisa.

Buy from

Khokha nge

Price per Bitcoin

Indlela Yokuthenga I-Bitcoin Nge-Cash App

I-Cash App iyisikhwama semali esiku-inthanethi ne-app yokukhokha ekuvumela ukuba uthumele futhi wamukele imali ngokushesha emndenini nakubangane. Ikuvumela nokuba wamukelo inkokholo eyenziwa ngomakhalekhukhwini nangekhadi yebhizinisi lakho futhi uthumele imali ku-akhawunti yakho yasebhange.

Emaketheni ye-Paxful peer-to-peer, manje ungathenga i-Bitcoin nge-Cash App. Vele ulandele lezi zinyathelo ukuze uthole i-BTC yakho:

  1. Ngena ku-Paxful – Ngena ku-akhawunti yakho ye-Paxful noma uvule entsha. Ukubhalisa ku-Paxful kukunikeza esakho isikhwama semali se-Bitcoin ngaphandle kwezindleko ezengeziwe.
  2. Khetha indlela yakho yokukhokha – Khetha i-Cash App njengendlela yokukhokha ukuze uveze uhlu lwakho konke okuthengiswayo okwamukela le ndlela yokukhokha. Ungafaka nenani ozimisele ukulisebenzisa ukuze ususe ongakudingi. Ingabe ufuna ukwazi ukuthi uzothola i-Bitcoin engakanani? Zama ukusebenizisa umshini wethu wokubala i-Bitcoin.
  3. Thola okuthengiswayo okuthandayo – Hlola uhlu lokuthengiswayo futhi uqinisekise ukuthi wenza lonke ucwaningo oludingekayo ngumuntu. Cabangela ukutholakala, idumela, isilinganiso, umlando wokuhweba komthengisi, kanye nezinye izici ezifuze lezo. Lapho usukutholile okuthengiswayo okuthandayo okukwanelisayo, hlola imigomo yomdayisi ngokucophelela ngaphambi kokuthi uqale ukuhweba.
  4. Yamukela imigomo bese uqala ukuhweba – Lapho uthenga i-Bitcoin nge-Cash App, hlale unayo i-$Cashtag yakho kanye nobufakazi benkokhelo ukuze uqinisekise ukuthi ukuhweba kwnzeka ngendlela eshelelayo. Abanye abadayisi bangase bafune ukuba uthumele ikhophi yekhadi lakho le-ID kanye namanye amadokhumenti ukuze uqinisekise ubuwena. Ngakho zilungele izicelo ezinjalo. Lapho ukuhweba kuqala, landela iziqondiso ezivela kumdayisi. Phawula ukuthi i-Paxful isebenzisa isistimu ye-escrow ebamba i-Bitcoin yomthengisi kuze kube yilapho ukuthengiselana kuphela ukuze kuvikelwe wena kubakhwabanisi. Lapho ukuhweba sekuphothuliwe ngokuphumelelayo, uzothola i-Bitcoin ngokuqondile esikhwameni sakho semali se-Paxful.

Lapha e-Paxful, senza kube lula futhi kuphephe ukuthenga i-BTC nge-Cash App. Ukuze ufunde okwengeziwe ngokuthenga i-Bitcoin enkundleni yethu, zizwe ukhululekile ukuhlola umtapo wethu wolwazi noma uxhumane nethimba lethu losizo.