Sicela ulinde ngesikhathi sisakufunela okungcono kakhulu ongakuthenga noma ongakuthengisa.

Buy from

Khokha nge

Price per Ethereum

Indlela Yokuthenga I-Ethereum Ku-Paxful

I-Paxful ihlose ukuletha izinsiza zezimali ezigidini zabantu abasebenzisa izinkonzo zezimali emhlabeni jikelele. Sikwenza kube lula futhi kuphephe ukushintshela imali yakho noma ezinye izimali zedijithali ku-Ethereum (ETH) futhi uyisebenzise lapho uyidinga kakhulu, kusukela kokuthenga nsuku zonke kuya ekutshaleni izimali.

Imakethe yethu elawulwa abantu ikuvumela ukuba uthenge i-Ethereum ngokuqondile kubasebenzisi kuwo wonke umhlaba, ngaphandle kokuhileleka kwamabhange noma abalamuli. Nayi indlela yokuthenga i-ETH ngokushesha:

  1. Bhalisa i-akhawunti – Ukubhalisela isikhwama semali samahhala sedijithali lapho ungagcina khona ngokuphephile i-ETH yakho.
  2. Funa okuthengiswayo – Khetha indlela yokukhokha oyithandayo, faka imali ozoyisebenzisa kunoma yiluphi uhlobo lwemali, bese uchofoza okuthi Funa Okuthengiswayo. Ngokucophelela hlola imigomo yokuthengiswayo ngakunye bese uhlola iphrofayela yomthengisi. Nakisisa amanani ako, ukutholakala kanye nokuphawula kokuhweba okwedlule.
  3. Qala ukuhweba – Uma uvumelana nezimfuneko zomthengisi, faka inani ofuna ukulisebenzisa bese uqala ukuhweba. Lokhu kuzovula ingxoxo ebukhoma lapho umthengisi ezokunika khona iziqondiso eziningiliziwe. Landela iziqondiso ngokucacile futhi ungangabazi ukubuza noma yimuphi umbuzo.
  4. Thola i-ETH – Ngemva kokuthumela inkokhelo futhi uphawule uhwebo njengolukhokhelwe, nikeza umthengisi imizuzu embalwa ukuba aqinisekise ukuthengiselana. Ngemva kwalokho uzokhulula i-ETH ingene ngokuqondile esikhwameni sakho semali se-Paxful.
  5. Shiya ukuphawula – Tshela thina kanye nabanye abasebenzisi mayelana nokuhweba okwenze nobuhwebelana naye. Lokhu kubalulekile ekugcineni inkundla yethu iphephile kuwo wonke umuntu.

Uyayibona indlela okuphephe ngayo, okushesha nokulula ngayo ukuthenga i-Ethereum ku-Paxful? Njengoba kunezindlela ezingaphezu kwezingu-300 zokukhokha ongakhetha kuzo, ukuhweba ngemali eyidijithali sekulula kakhulu. Vakashela Umtapo Wolwazi noma uthintane nethimba lethu losizo ukuze uthole imininingwane eyengeziwe.

Njengoba kunezindlela zokukhokha ezingaphezu kwezingu-300 ezihlanganisa ukukhokha ngemali, ukuthumela ebhange kanye namakhadi esipho, ukuthenga i-ETH kulula ngendlela eyisimanga. Awuyiboni indlela yokukhokha oyithandayo? Sitshele sizobe sesizama ukuyifaka enkundleni yethu. Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, hlola Isikhungo Solwazi noma uxhumane nethimba lethu losizo.