Iyini i-Paxful?
I-Paxful iyimakethe ye-peer-to-peer ekuvumela ukuba uthenge futhi uthengise imali eyidijithali usebenzisa izindlela zokukhokha ezingaphezu kwezingu-300. Ifana ne-eBay, kodwa ngeyemali -- futhi ayinayo imikhawulo.
Sinabasebenzisi abangaphezu kwezigidi ezingu-4.8 emhlabeni jikelele. Konke ukuhweba okwenziwa ku-Paxful kuvikelwa yinkonzo ye-escrow, okusho ukuthi ungahweba ngokuphephile wazi ukuthi izimali zakho zivikelekile.
Ngingayibona kuphi inzuzo yami yenxusa?
Ungabona inzuzo yakho kudeshibhodi yenxusa nakudeshibhodi yomdayisi.
Ngingakwazi yini ukuzenzela amalinki ahlukile enxusa ngezinjongo zokulandelela?
Yebo. Kudeshibhodi yakho yenxusa, ungazenzela amalinki alandelelekayo ngaphansi kwengxenye ye-ID Yokulandelela ukuze uyidlulisele kobathumela emalini eyidijithali.
Yini engavunyelwe?
Ukuze siqinisekise ukuthi sonke siyahambisana ngokuphathelene nalokho okuvumelekile nalokho okungavumelekile, sibhale ngezansi ezinye zezinto okumelwe uzigweme njengenxusa.
- Ukuvula ama-akhawunti amaningi - uvunyelwe ukuvula eyodwa kuphela ku-Paxful.
- Ukuthumela abantu kuwebusayithi ye-Paxful besuka kweyakho iwebusayithi.
- Ukwenza izenzo zokukhwabanisa ukuze uthole amanxusa.
- Ukuthenga izikhangiso zegama, njengezithi: Paxful, paxful.com, noma enye indlela yokubhala - kuhlanganise okungabhalwanga ngendlela enembile.
- Ukusebenzisa amagama ezinkampani eziyizimbangi ukuze ukhangise ngegama le-Paxful - kanye nokuqhathanisa i-Paxful nezinye izinkampani, ukudicilela phansi igama lazo.
- Ukushicilela imininingwane engamanga ukuze uhehe amaklayenti engeziwe noma ukukhohlisa amaklayenti nganoma iyiphi indlela.
- Ukukhokhisa imali ukwenzela kuleyo oyizuza emanxuseni akho ku-Paxful.
Luyini Uhlelo Lwenxusa Lwe-Paxful futhi lusebenza kanjani?
Uhlelo Lwenxusa Lwe-Paxful luyithuba elijabulisayo lokuthi uklonyeliswe ngotshela wonke umuntu omaziyo nge-Paxful. Kulula kakhulu—uletha abantu ku-Paxful, bese uzuza ingxenye yezindleko zabo ze-escrow isikhathi ngasinye bethenga imali eyidijithali ku-Paxful.
Uthola 50% wezindleko ze-escrow* kubantu obaletha ku-Paxful, bese uthola 10% wezindleko ze-escrow* kubantu abalethwa yibo ku-Paxful. Lokhu akwenziwa kanye, kodwa njalo lapho bethenga imali eyidijithali ku-Paxful.
Ungayikhulisa kalula inethiwekhi yakho yabantu obathumela emalini eyidijithali lapho ufaka ilinki ye-yenxusa le-Paxful ezintweni ozisungulayo, ozifaka ezinkundleni zokuxhumana noma okhangisa ngazo kuwebusayithi yakho.
Ihamba kanjani inzuzo yesigaba ngasinye sohlelo?
Ukhokhelwa njalo lapho omunye wamanxusa akho, noma wamanxusa abo ephothula ngokuphumelelayo ukuhweba ku-Paxful.
Inani ozolithola libalwa ngokusekelwe ezindlekweni zethu ezivamile ze-escrow, eziyi-1% yenani okuhwebwe ngalo, ngaphandle uma izindleko ze-escrow zingaphansi kuka-1%. Uma izindleko ze-escrow zingaphansi kuka-1%, izindleko zenxusa zibalwa ngokusekelwe kunoma yiliphi inani le-escrow kuleso sikhathi.
Indlela yokukhokhelwa imi ngale ndlela elandelayo:
Isigaba 1: Uthola u-50% wezindleko ezivamile ze-escrow lapho umsebenzisi ethenga ngokuphumelelayo imali eyidijithali.
Isigaba 2: Uthola u-10% wezindleko zethu ezivamile ze-escrow lapho umsebenzisi ethenga ngokuphumelelayo imali eyidijithali.
Yimiphi imithombo yofakwayo neyezikhangiso engcono kakhulu yokudonsela abantu abaningi elinkini yami yenxusa?
Kunemithombo eminingi engaba wusizo kuwe, kuhlanganise i-blog yakho, iwebusayithi, i-Google AdWords, i-Yandex Direct, i-Yahoo/Bing ads, i-mobile ad networks, i-YouTube kanye nezinye izinkundla ezinkulu zokuzijabulisa nezezimali.
Izinkundla zokuxhumana zingelinye ithuluzi elihle kakhulu elingakusiza uzuze i-Bitcoin kobathumelayo. Kuwumqondo omuhle ukusebenzisa i-ID yokulandelela kukho konke ukukhangisa okwenzayo, ukuze ukwazi ukubona ukuthi yikuphi okusebenza kangcono futhi ufunde kulokho.
Izibalo zibuyekezwa kangaki kuDeshibhodi Yami Yenxusa?
Izinombolo zibuyekezwa bukhoma ngokuhambisana nesikhathi samanje kuDeshibhodi Yakho Yenxusa. Ngakho noma yini oyibona kudeshibhodi kufanele isitshele ukuthi izinto zimi kanjani njengamanje.
Kungani abanye bamanxusa ami benza ukuhweba okuningi kuyilapho abanye bebhalisa kodwa bangenzi nokuhweba okukodwa?
Abantu banezidingo ezingafani. Abanye bangase bafune ukuthenga i-Bitcoin yabo yokuqala ku-Paxful bese beyigcina izinyanga noma ngisho iminyaka, kuyilapho abanye bezoqhubeka besebenzisa le nkundla ukuze bathenge futhi bathengisiwe okuningi. Izinga lokusebenza kwamanxusa akho lingase lixhomeke ekutheni yikuphi okusungulayo obathumela kukho nokuthi ubani omqondile ngokuyinhloko.
Ngikhokhelwa nini?
Imali oyizuza ngokuthumela abanye emalini eyidijithali ngokuvamile ifakwa esikhwameni sakho semali senxusa ngokushesha nje lapho inxusa lakho liqeda ukuhweba.
Lapho usuno-10 USD we-Bitcoin wezinzuzo zenxusa, ungayithumela leyo mali esikhwameni semali se-Paxful noma nini lapho ufuna. Lapho usuzuze 300 USD we-Bitcoin, sizodinga ukuba ugcwalise ukuqinisekisa ubuwena kanye nekheli.
Icebiso: Ungathengisa izinzuzo zakho ze-Bitcoin enkundleni yethu ukuze uthole inzuzo eyengeziwe!
Ngingayithola kuphi ilinki yami yenxusa?
Ungathola ilinki yakho yenxusa kokubili kudeshibhodi yomdayisi nakudeshibhodi yenxusa.
Ngingawabona kuphi ama-ID ami okulandelela?
Kungekudala uzokwazi ukubona ama-ID akho okulandelela kudeshibhodi yakho. Hlala ulindile!
Yimaphi amazwe okufanele ngigxile kuwo lapho ngifuna abantu engingabathumela?
I-Paxful isemhlabeni jikelele futhi ingasetshenziswa noma kuphi lapho kune-inthanethi khona. Ukuthi ufuna ukugxila kuyiphi imakethe kukuwe ngokuphelele—endaweni okuyo, esifundazweni okuso, ezweni okulo noma kwenye indawo. Njengamanje, abasebenzisi abaningi bavela e-U.S., kuyilapho i-Afrika, i-Asia, ne-Latin America zingamamakethe ethu akhula ngokushesha.
Uhlelo Lwenxusa Lwe-Paxful lunezigaba ezingaki futhi zisebenza kanjani?
Awulinganiselwe ekuzuzeni i-Bitcoin ngokuthumela abantu kuphela ngamanxusa akho aqondile. Kunalokho, kunezigaba ezimbili Ohlelweni Lwenxusa Lwe-Paxful -- enye iqondile enye ayiqondile:
Isigaba 1: Lana ngamanxusa abhalisa ngokuqondile ngelinki yakho.
Isigaba 2: Lana ngamanxusa abhalisa ngamalinki avela kumunye wamanxusa akho aqondile.
Uma inxusa lami lihwebelana nelinye inxusa, ingabe ngisazoyithola inzuzo ephelele?
Uma amanxusa akho aqondile ehwebelana, uzothola u-25% wayo yonke inzuzo ekuhwebeni esikhundleni sika-50% ovamile.
Othile engimthumele ku-Paxful, ubhalise ngaphandle kokusebenzisa ilinki yami. Ingabe ngisengayithola inzuzo?
Ngokudabukisayo, cha. Izinzuzo zenxusa zitholakala kuphela kubasebenzisi ababhalisa ngelinki yakho yenxusa.
Nginenkundla yokuxhumana ehlobene ne-bitcoin, futhi abalandeli bami banesifiso sokuthenga noma ukuthengisa i-bitcoin. Ingabe kufanele ngiphakamise i-Paxful njengendlela yokwenza lokho?
Impela! I-Paxful ingenye yezindlela ezilula kakhulu emhlabeni kuwo wonke umuntu yokuthenga noma ukuthengisa i-Bitcoin noma kuphi. Labo obathumele emalini eyidijithali bangabhalisa besebenzisa ilinki yakho yenxusa futhi baqale ukuthenga noma ukuthengisa i-Bitcoin ngemizuzu embalwa nje! Njalo lapho bethenga ku-Paxful, uthola inzuzo yenxusa.