The Affiliate Program has been temporarily paused as we make changes to create a fair and sustainable program for the Paxful community. Learn more here.

Imigomo Yenkonzo Yohlelo Lwenxusa

Usuku Lokuqala Ukusebenza: Okthoba 21, 2019

Siyakubonga ngokubhalisa njengelungu Lohlelo Lwenxusa Lwe-Paxful. Imininingwane oyinikeze ku-Paxful njengengxenye yenqubo yokubhalisa izogcinwa futhi isingathwe yi-Paxful ngokuvumelana ne-European Union’s General Data Protection Regulation (“GDPR”). Inqubomgomo Yobumfihlo ye-Paxful evumelana ne-GDPR yamukelwa nguwe njengengxenye yenqubo yokubhalisa Yenxusa.

Ngokuqhubeka usebenzisa iwebusayithi ye-Paxful (kungaba eyeNxusa noma enye), uzobhekwa njengovumayo noyamukelayo iNqubomgomo Yobumfihlo, kuhlanganise njengoba kungase kube njalo ngezikhathi ezithile, ukulungiswa ukwenezelwe noma ukushintsha. Uhlelo lwamanje lweNqubomgomo Yobumfihlo lungatholwa ekhasini elisekuqaleni lale webusayithi noma ngokuchofoza le linki https://paxful.com/privacy. Ukuze ugweme ukungabaza, sicela uqaphele ukuthi imininingwane ethile ingase idluliselwe kumaNxusa akho njengengxenye yokubamba kwakho iqhaza oHlelweni Lwenxusa, kuhlanganise kodwa akupheleli emininingwaneni yendawo kanye nokusebenza kwe-akhawunti.

Okulandelayo yiMigomo Yenkonzo esebenza Ohlelweni Lwenxusa. I-Paxful igodla ilungelo (yodwa ngendlela enquma ngayo ngaphandle kokunizeka isaziso kusengaphambili) (a) lokushintsha noma yimiphi Imigomo Nemibandela, nganoma yisiphi isikhathi ngezikhathi ezithile, kuhlanganise (kodwa akupheleli lapho) ukushintsha iphesenteji lemali ekhokhwayo echazwe ngezansi, (b) ukumisa noma ukukhansela Uhlelo Lwenxusa, kanye/noma (c) ukumisa noma ukuvala ngokuphelele i-akhawunti yakho yeNxusa neye-Paxful uma uhlanganyela ekuziphatheni okuthile njengoba kuchaziwe ngezansi.

NjengeNxusa, unethuba lokwethula abantu abaseceleni eMaketheni Ye-Paxful Bitcoin futhi uthole inzuzo ngokusekelwe ekuhwebeni kwazo kwe-BTC okwenziwe enkundleni yethu. I-Paxful ikhokhela onke amaNxusa nge-BTC kuphela.

Uhlelo Lwenxusa luhlelwe njengohlelo lwe-two-tier olusebenza kuqala kubasebenzisi abaseceleni kuphela:

  • Isigaba 1 Senxusa
    Isigaba 1 Senxusa umuntu oseceleni obhalisela ukusebenzisa iMakethe Ye-Paxful Bitcoin esebenzisa ilinki ehlukile yokubhalisa enikezwa yi-Paxful lapho ubhalisa ngoHlelo Lwenxusa.
  • Isigaba 2 Senxusa
    Isigaba 2 Senxusa umuntu oseceleni obhalisela ukusebenzisa iMakethe Ye-Paxful Bitcoin esebenzisa ilinki ehlukile yokubhalisa i-Paxful ezobe iyinikeze Isigaba 1 Senxusa lakho.

Inzuzo yokudayisa ekhokhwayo.

Ngaphandle uma i-Paxful ivuma, uzothola imali yokudayisa ku-Paxful njalo lapho Inxusa lakho Elisesigabeni 1 noma Esigabeni 2 liphothula "Ukuthenga" i-BTC lisebenzisa i-Paxful.

Njengoba wazi, i-Paxful idonsa Izindleko Ze-Escrow ngokuphathelene nokuhweba ngakunye okuphothuliwe kule nkundla. Izindleko Ze-Escrow zingashintshwa yi-Paxful nganoma yisiphi isikhathi ngezikhathi ezithile. Ungathola incazelo Yezindleko Ze-Escrow kanye nenani layo lamanje ngokuchofoza le linki: https://paxful.com/support/en-us/articles/360013609793-Paxful-fees

  • Lapho Inxusa Elisesigabeni 1 liphothula ngokuphumelelayo "Ukuthenga" I-BTC lisebenzisa i-Paxful, i-Paxful iyofaka imali Esikhwameni Sakho Semali Senxusa (nge-BTC) elingana no-50% weZindleko Ze-Escrow ezisebenza ngaleso sikhathi.
  • Lapho Inxusa Elisesigabeni 2 liphothula ngokuphumelelayo "Ukuthenga" I-BTC lisebenzisa i-Paxful, i-Paxful iyofaka imali Esikhwameni Sakho Semali Senxusa (nge-BTC) elingana no-10% weZindleko Ze-Escrow ezisebenza ngaleso sikhathi.
  • Nokho, uma iNxusa Elisesigabeni 1 liphumelela "Ukuthenga" i-BTC ngeNxusa Elisesigabeni 1 lelinye ilungu Lohlelo Lwenxusa, nobabili wena nalelo lungu elinye niyohlukaniselana ngokulinganayo u-50% wenzuzo.
  • Ngokufanayo, uma iNxusa Elisesigabeni 2 liphumelela "Ukuthenga" i-BTC ngeNxusa Elisesigabeni 2 lelinye ilungu Lohlelo Lwenxusa, nobabili wena nalelo lungu elinye niyohlukaniselana ngokulinganayo u-10% wenzuzo.
  • Noma nini lapho uthenga noma uthengisela othile oyiNxusa Lakho Elisesigabeni 1 noma Elisesigabeni 2 ngeke uthole inzuzo.

Inzuzo oyithole ngohlobene nanoma yikuphi ukuthengiselana okunjalo ngokuvamile iyofakwa ngokushesha Esikhwameni Sakho Semali Senxusa lapho nje kuphothulwa ngokuphumelelayo ukuthengiselana okunjalo. Njalo lapho ukuthengiselana kuphothulwa ngokuphumelelayo, i-Paxful izokuthumelela i-imeyili yokuqinisekisa. Ngale ndlela ungabuka imali yakho Esesikhwameni Sakho Semali Senxusa ikhula ngaphakathi kudeshibhodi yakho ye-Paxful.

Ezimweni ezithile, ungase ufanelekele ukuzuza imali yokuthumela othile njalo lapho iNxusa Lakho Elisesigabeni 1 noma Elisesigabeni 2 liphothula "Ukuthengisa" i-BTC lisebenzisa i-Paxful. Ukuze ubone ukufaneleka kwakho ukuthola inzuzo "Ngokuthengisa" kweNxusa Lakho Elisesigabeni 1 noma Elisesigabeni 2, sicela uxhumane Nabosizo Be-Paxful ku-[email protected]. I-Paxful igodla ilungelo lokunquma, yona yodwa, ukuthi ungase uvunyelwe noma ungavunyelwa ukuzuza imali yokuthumela othile ngenxa "Yokuthengisa" okwenziwe.

Ukukhipha Izinzuzo Zakho

Noma nini lapho ibhalansi Esesikhwameni Sakho Semali Yenxusa ifinyelela okungenani ku-US$10 (ngenani le-BTC langaleso sikhathi) uzokwazi ukuthumela ibhalansi yonke Esikhwameni Sakho Semali Se-Paxful BTC. Lapho ibhalansi Yesikhwama Sakho Semali Yenxusa ifika engqikithini yenani elingu-$300, kuzodingeka ukuba uthumele ukuqinisekisa umazisi kanye nekheli. Lapho usukwenzile lokhu, ukhululekile ukwenza noma yini oyithandayo ngale nzuzo. Ngokusinikeza le mininingwane neminye engase idingeke, uqinisekisa ukuthi yonke imininingwane iyiqiniso, inembile futhi ayikhohlisi. Uyavuma ukusinikeza okwakamuva ngokushesha uma noma yimiphi imininingwane osinike yona ishintsha. Usigunyaza ukuba sifune imininingwane ngokuqondile noma ngezinkampani ezisecelani, lapho sibona kufaneleka ukuze siqinisekise umazisi wakho noma ukuze sikuvikele kanye/noma nathi ekukhwabaniseni noma kobunye ubugebengu bezezimali, futhi sithathe isinyathelo esisibona sifaneleka kuye ngemiphumela yokufuna leyo mininingwane. Lapho sifuna leyo mininingwane, uyaqaphela futhi uyavuma ukuthi imininingwane yakho ingase idalulwe kuma-ejensi aqinisekise ireferensi kanye nakuvimbela ukukhwabanisa nokuthi la ma-ejensi angase asabele ngokugcwele emininingwaneni yethu.

Icebiso Longoti: Sincomela ukuthengisa izinzuzo akho ze-BTC enkundleni yethu ukuze uthole inzuzo eyengeziwe.

Izenzo Ezenqatshelwe

Okulandelayo kuwuhlu olumelela (kodwa aluphelele) izinhlobo zokuziphatha nemikhuba engabangela i-Paxful (njengoba kunqunywa yi-Paxful yona yodwa ngaphandle kokuncediswa) ukuba (a) ikhansele noma ilande inkokhelo oyithole (kungakhathaliseki ukuthi uyikhiphile yini noma cha) njengenzuzo, kanye/noma (b) imise noma ivale unomphelo i-akhawunti yakho yeNxusa neye-Paxful.

  • Ukusebenzisa i-spam ukuze uhehe abantu enkundleni ye-Paxful.
  • Ukuhlanganyela ezenzweni ezingemthetho zanoma yiluphi uhlobo, kungakhathaliseki ukuthi zihlobene yini noma cha nenkundla ye-Paxful nezinkonzo.
  • Ukuvula ama-akhawunti engeziwe enkundleni ye-Paxful azuza Ohlelweni Lwenxusa Lwe-Paxful nganoma yiluphi uhlobo. Uvumeleke kuphela ukuba ne-akhawunti eyodwa futhi awuvunyelwe ukuthengisa, ukuboleka, ukwabelana noma ukuthumela i-akhawunti yakho noma eminye imininingwane edingekayo yokungena ku-akhawunti yakho kwabanye abantu noma izinhlangano ngaphandle kwakho. Ukwenza imininingwane engamanga ye-akhawunti yakho, ukuqamba amanga ngezwe odabuka kulo, ukuthumela amadokhumenti kamazisi angamanga kwenqatshelwe ngokuphelele.
  • Ukuphulwa kwanoma yiziphi izipho ngaphansi Kwemigomo Nemibandela okwenziwa nguwe noma umleli wakho.
  • Ukusetshenziswa – nganoma yiluphi uhlobo lokukhangisanoma imininingwane yanoma yiluphi uhlobo esuka kuwe noma esabalaliswa nguwe noma elawulwa nguwe – kwamagama athi “pax” noma “paxful” noma okunye okufana nako, okuzwakala njengako, noma amanye amagama, izimpawu, noma ezinye iziqu i-Paxful ezibheka njengezifaka ne-trademark i-PAXFUL.
  • Ukukhuluma kabi, ukusola, noma ukuhlambalaza (a) i-Paxful noma omunye wabaqondisi bayo, izikhulu, izisebenzi, izikontileka zayo, ama-ejenti, noma abameleli, noma (b) abasebenzisi benkundla ye-Paxful, kuhlanganise amanye amalungu Ohlelo Lwenxusa.
  • Ukuhileleka kunoma yiziphi izinto i-Paxful ikholelwa ukuthi (ngokwahlulela kwayo okungaphikiswa) zingabangelwa ukuba ihlolwe ezomthetho, izimfuneko nokushushiswa ngaphansi kwemithetho yanoma yiliphi izwe, izinhlangano zamazwe (kuhlanganise i-European Union), noma ezinye iziphathimandla noma uhulumeni kuhlanginise kodwa akupheleli ekugembuleni okungemthetho, ukukhwabanisa, ukuzalisa ngemali noma ubuphekula.
  • Ukuhlanganyela ezenzweni ezingemthetho zanoma yiluphi uhlobo, kungakhathaliseki ukuthi zihlobene yini noma cha nenkundla ye-Paxful nezinkonzo.
  • Ukunikeza imininingwane engamanga, enganembile noma ekhohlisayo
  • Ukunikeza ukuqinisekisa umazisi nekheli okungamanga, okunganembile noma okukhohlisayo.
  • Ukukhuthaza noma ukubangela noma ubani oseceleni ukuba ahileleke ezenzweni ezenqatshelwe kule Ngxenye.

Amalungelo Okuvikelwa Kwempahla

Ngaphandle uma kuboniswe yithi, wonke amalungelo okuvikelwa impahla kuWebusayithi nakunoma yini enye equkethwe ngokuphathelene nezinkonzo zethu, kuyimpahla ye-Paxful noma abanini bethu bamalayisensi noma abahlinzeki futhi bavikelwe imithetho yokuvikelwa kwempahla esebenzayo. Asinikezi layisensi yokusebenzisa okuqukethwe kuWebusayithi. Akufanele uthengise noma ushintshe okuqukethwe kuWebusayithi noma uphinde ukukhiqize, ukuveze, noma ukusebenzise emphakathini, ukusabalalise noma usebenzise izinto nganoma iyiphi indlela emphakathini noma kwezebhizinisi. Ukusebenzisa kwakho izinto zethu kunoma iyiphi enye iwebusayithi noma endaweni yokwabelana ngemininingwane noma izinkonzo ezifana nalezo kwenqatshelwe.

Akumelwe ukopishe noma yini noma okuqukethwe kuWebusayithi noma okutholakala ngeWebusayithi ngaphandle kwemvume yethu ebhalwe phansi. Noma yimaphi amalungelo anganikezwanga okusebenzisa izinto zethu eziqukethwe kuWebusayithi agodlwe ngokuphelele yi-Paxful.

Umkhawulo Wokuthintaka/Isitatimende Sokuzikhipha Ecaleni

Le webusayithi kanye Nohlelo Lwenxusa kunikezwa kunjengoba "kunjalo" nalapho "kutholakala" ukuze uthole ulwazi futhi uyisebenzise ngaphandle kokumelelwa noma ukukhulunyelwa. Ngokwezinga umthetho ovuma ngalo, asenzi mawaranti anoma yiluphi uhlobo, ashiwo ngomlomo noma ngenye indlela, ngokuphathelene newebusayithi noma Uhlelo Lwenxusa, kuhlanganise kodwa akupheleli, kumawaranti okungase kuthiwe akhona okwaneliseka ngekhwalithi, ukusebenza kahle, ukufaneleka kwenjongo ethile, ukungaphulwa komthetho, ukufanelana, ukuphepha, ukunemba, isimo noma ukuphelela, noma nanoma iyiphi iwaranti evela ngenxa yokusebenzisana noma ukusebenzisa noma ukuhweba.

Uma futhi ngokwezinga elikhulu elivunywa umthetho osebenzayo, ngeke sibe nomthwalo walokhu:

  • 1. noma yikuphi ukulahlekelwa kwezomnotho (kuhlanganise kodwa akupheleli ekulahlekelweni yinzuzo yenkampani, izimali, izinkontileka, yibhizinisi, noma ukulondozwa kwemali obekulindelekile);
  • 2. noma yikuphi ukulahlekelwa yidumela elihle;
  • 3. noma yikuphi ukulahlekelwa okuqondile noma okuwumphumela wokuthile, noma yikuphi okuvelayo.

Ukuvikela Nokubheka Njengokungenabungozi

Uyavuma ukubheka i-Paxful, Inc. njengengenabungozi (kanye nesikhulu sethu ngasinye, abaqondisi, amalungu, izisebenzi, ama-ejenti kanye namanxusa) kunoma yisiphi isikhalo, ukufuna, izenzo, umonakalo, ukulahlekelwa, izindleko, kuhlanganise kodwa akupheleli ezindlekweni zezomthetho, ezivela noma ezihlobana: nokusebenzisa kwakho, noma ukuziphatha okuhlebene noHlelo Lwethu lwenxusa; noma ukuphula kwakho le Migomo Nemibandela. Ukwenezela kulokho, uyavuma ukuthwala ngokuphelele umthwalo (futhi usikhipha ngokuphelele thina) wazo zonke izikhalo, amacala, umonakalo, ukulahlekelwa, izindleko, kuhlanganise izindleko zezomthetho, ezibhekene nathi noma ezivela ngenxa noma ezihlobana nokuphulwa Kwemigomo Nemibandela okwenziwe nguwe noma ezinye izikweletu ezitholwe yithi ngenxa yokusebenzisa kwakho izinkonzo kanye Nohlelo Lwenxusa, noma ukusetshenziswa omunye umuntu ofinyelela izinkonzo esebenzisa i-akhawunti yakho, idivayisi noma i-akhawunti yakho yokungena ku-inthanethi; noma ukuphula noma yimuphi umthetho noma amalungelo anoma ubani oseceleni.

Okuvamile

Le Migomo Nemibandela kanye nokusebenzisa kwakho iWebusayithi kanye Nohlelo Lwenxusa kuyoqondiswa futhi kuqondwe ngokuvumelana Nomthetho Wase-United States. Noma yimuphi umbango ovela ngokuphathelene naleMigomo Nemibandela noma ukusebenzisa kwakho iWebusayithi noma Uhlelo Lwenxusa kuyoxazululwa ngokuqondile yizinkanto zase-United States. Akukho lutho kule Migomo Nemibandela okuyobhekwa njengokuthinta amalungelo akho ngaphansi komthetho wase-United States. Uma noma iyiphi ingxenye yale Migomo Nemibandela ibhekwa yinoma iyiphi inkanto yase-United Stated njengesebenzayo noma engasebenziseki ngokuphelele noma ngokuyingxenye, ukusebenza noma ukusebenziseka kwezinye izingxenye zale migomo nemibandela ngeke kuthinteke. Noma yiziphi izihloko eziqukethwe kule Migomo Nemibandela eyezinjongo zemininingwane kuphela futhi akuzona izinto ezisebenzisekayo zale Migomo Nemibandela.