Siyakwamukela Emalini Elawulwa Abantu

I-Paxful ishintsha umhlaba wezezimali. Eminyakeni nje emihlanu sesibe ngenye yezimakethe eziholayo ze-bitcoin peer-to-peer esetshenziswa yizigidi zabantu emhlabeni jikelele. Lokhu kumane kuyisiqalo nje.

Thenga Futhi Uthengise I-Bitcoin Ne-Tether Ku-Paxful

Umkhiqizo Wethu

I-Paxful ishintsha indlela umhlaba othumela ngayo imali futhi usuyayamukela imali eyidijithali - okuvumela ukuthumeleka kwemali kunoma ubani, noma kuphi, noma nini.

Awunayo i-akhawunti yasebhange? Ayikho inkinga. Sinezindlela zokukhokha ezingaphezu kwezingu-300 ongakhetha kuzo, okwenza kube lula ngawe ukuthumela imali yakho ngendlela othanda ngayo.

Ezobuchwepheshe Ezithola Amandla Kubantu

I-Pexful iyi-peer-to-peer ngokuphelele, okusho ukuthi abasebenzisi bethu bahweba nabantu abangokoqobo—okuyindlela i-bitcoin eyayihloselwe ukusetshenziswa ngayo.

Isikhwama Semali Eyidijithali Samahhala

Sinokwethenjelwa, kulula ukusisebenzisa futhi akunazindleko ozikhokhelayo. Isikhwama sethu semali sinika wonke umuntu indawo ephephile yokulondoloza ingcebo yakhe — kungakhathaliseki ukuthi ungubani noma ukuthi uvela kuphi.

Kuvikelekile

Ukuphepha nokuvikeleka kuyizinto ezibaluleke kakhulu lapho kuziwa emalini yakho. Konke ukuhweba ku-Paxful kuvikelwe yisevisi yethu evikelekile ye-escrow futhi ikwenza ube nokuthula kwengqondo.

Okokuxhumana Kwebhizinisi

Uma unenkinga yokwesekwa noma uma ufuna ukuphawula ngendlela esingathuthukisa ngayo imikhiqizo yethu, singathanda ukuzwa okwengeziwe ngalokho . Nokho, uma ufuna ukuxhumana ne-Paxful mayelana nezinye izindaba ezithinta ibhizinisi, siyatholakala ngamanye amashaneli.

Abezindaba Nezokukhangisa

Siza ngokusakaza izwi nge-Paxful ngabezindaba nangezikhangiso. Xhumana nathi mayelana nezezindaba ku [email protected].‎

I-Bug Bounty

Uhlelo lwe-Bug Bounty lukunika ithuba lokuthola inzuzo ngokuthola izinkinga zokusebenza kwesistimu. Zibike kokuthi [email protected]. Thola imininingwane eyengeziwe lapha.‎

Ama-akhawunti enkampani

Ukuze ubhalise i-akhawunti yebhizinisi ukuze uhwebe njengebhizinisi ku-Paxful, ungathumela i-imeyili kokuthi [email protected]. Thola imininingwane eyengeziwe lapha.‎

Ukuthengisa Nokubambisana

Ukuze ubuze ngokubambisana nathi. Sitshele uma unesifiso sokubambisana nathi ngokusithumelela i-imeyili [email protected].‎

Joyina i-Paxful
Masakhe ikusasa ndawonye
Joyina Inhlangano Yethu

Vula eyakho i-akhawunti ye-Paxful bese uyajula ezweni lezimali eziyidijithali.