Isikhumbuzo Esimayelana Nemigomo Yenkonzo Yomdayisi

Le Migomo Yenkonzo Yomdayisi ihloselwe ukusebenza njengesikhombo esifushanisiwe somdayisi, futhi asingeni esikhundleni Semigomo Yenkonzo Ye-Paxful.

Sicela ukhumbule ukuthi wamukela le migomo elandelayo lapho ukhetha ukuhweba ku-Paxful.

  1. Njengomdayisi, wamukela zonke izingozi nezikweletu zanoma yikuphi ukukhwabanisa okube khona ngesikhathi kuthengiswa izimali zakho eziyidijithali.
  2. I-Paxful inelungelo lokungabuyiseli mali elahleke ngenxa yokukhwabanisa noma inkokhelo yezindleko ze-escrow yethu.
  3. Zonke izinkokhelo zentela nanoma yiziphi ezinye ziwumthwalo womdayisi.
  4. Ukuze ubike inkinga yokuhweba, sicela ufake umbango bese ulinda umlamuli angenele.
  5. I-Paxful ayinakubekwa cala ezimweni lapho ukhulule imali eyidijithali ngaphambi kokuba kwenziwe inkokhelo.
  6. Izenzo ezilandelayo azivunyelwe ku-Paxful futhi zingaholela ekuvinjelweni kwe-akhawunti yakho:
    1. Ukuthengiswa kwamakhadi esipho asethengisiwe kakade
    2. Ukwabelana ngemininingwane yokugwema i-escrow ekuhwebeni
    3. Ukuhweba ngaphandle kwe-escrow
    4. Ukungaphenduli - abadayisi kulindeleke ukuba baphendule ngokushesha
    5. Inkulumo ehlukumezayo
    6. Ukuzenza umlamuli
    7. Ukuvula ama-akhawunti amaningi (ngaphandle kwemvume)
    8. Ukuxoxisana
    9. Ukwenqaba ukukhulula ama-coins
    10. Ezinye izenzo zokukhwabanisa