Sicela ulinde ngesikhathi sisakufunela okungcono kakhulu ongakuthenga noma ongakuthengisa.

Sell to

Get paid with

Price per Ethereum

Indlela Yokuthengisa I-Ethereum Ku-Paxful

I-Paxful yenza kube lula ngabasaqala nongoti ukufinyelela inkululeko engokwezimali. Njengoba siyimakethe ye-peer-to-peer, ungathengisa i-Ethereum (ETH) ngokuqondile ezigidini zabasebenzisi kuwo wonke umhlaba ngaphandle kwesidingo sebange noma izinkampani!

Nakhu okufanele ukwenze:

Ngaphambi kokuba uqale ukuthengisa i-Ethereum, kumelwe uqale usungule futhi uqinisekise i-akhawunti yakho ye-Paxful noma ungene kwesikhona kakade. Lapho usungenile vele ulandele lezi zinyathelo:

  1. Beka imigomo yakho - Nquma inani eliphakeme le-ETH ofuna ukulithengisa bese ukhetha indlela yokukhokha oyithandayo. Ungakhetha nohlobo lwemali oluthandayo kanye nendawo okuyo uma uthanda.
  2. Funa okuthengiswayo - Lapho usuyibekile imigomo yakho, chofoza okuthi Funa Okuthengiswayo ukuze ubone okuthengiswayo okufanele ongakhetha kukho.
  3. Buyekeza okuthengiswayo - Ungakhohlwa ukuhlola yonke imininingwane ebalulekile yomthengi wakho kuhlanganise izinga lokuqinisekisa, inani lokuhweba okuphumelele kanye nokuphawula okuvela kwabanye abasebenzisi, ngaphambi kokuba uqhubeke.
  4. Qala ukuhweba - Uma uthola umthengi othenjwayo, chofoza okuthi Thengisa. ukuze uhlole imigomo nemibandela ebekwe umthengi. Uma uvuma, faka inani le-ETH ozimisele ukuhweba ngalo bese uchofoza okuthi Thengisa Manje. Lokhu kube sekukufaka engxoxweni ebukhoma futhi kuthumele okwesikhashana i-ETH ku-escrow yethu ephephile.
  5. Phothula ukuhweba: Lapho usuyitholile inkokhelo futhi umthengi esekwenzile okulindeleke kuye, ungakhulula i-ETH eku-escrow ukuze ingene esikhwameni sakhe. Uzokwazi nokudawuniloda irisidi yomphakathi uma ufisa ukugcina amarekhodi okuthengiselana.
  6. Shiya ukuphawula - Ungakhohlwa ukusitshela mayelana nokuhweba okwenze nobuhwebelana naye ngemva kokuthengiselana okuphumelele.

Hlola Umtapo Wolwazi ukuze ufunde okwengeziwe ngendlela yokuthengisa i-ETH ngokushesha. Ungase usungule okuthengiswayo uma ufuna ukubeka eyakho imigomo nemibandela noma iziqondiso zokuhweba. Ungangabazi ukuthinta ithimba lethu losizo uma unanoma yimiphi imibuzo. Uhwebe kamnandi!