Sicela ulinde ngesikhathi sisakufunela okungcono kakhulu ongakuthenga noma ongakuthengisa.

Buy from

Khokha nge

Price per Tether

Indlela Yokuthenga I-Tether Ku-Paxful

I-Paxful ihlose ukwenza izinkonzo zezimali zifinyeleleke ezigidini zabantu ezincike kakhulu ezinkonzweni zezimali emhlabeni jikelele. Sikunika inkululeko yokushintsha imali yakho ibe yi-Tether (USDT) futhi uyisebenzise ngendlela obona ngayo; kungaba ukukhokhela impahla noma izinkonzo, ukuvikela amafa ekwehleni kwamandla emali, ukuthenga izimali eziyidijithali, noma ukuzivikela ekungazinzini kwamandla emali.

Emaketheni ye-Paxful elawulwa abantu, ungathenga i-Tether ngokuqondile kwabanye abasebenzisi emhlabeni jikelele. Akuhileleki mabhange, izinkampani noma abalamuli.

Nayi indlela yokuqala:

  1. Vula i-akhawunti noma ungene kwekhona kakade. Ukubhalisa ku-Paxful kuza nesikhwama semali samahhala lapho ungagcina khona i-USDT yakho.
  2. Khetha indlela yokukhokha, faka inani ofuna ukulisebenzisa ngohlobo lwemali oyithandayo, bese uchofoza okuthi Funa Okuthengiswayo.
  3. Yiya kokuthengiswayo ngakunye uhlole imigomo nemibandela yako. Bheka njalo amanani abekwa abathengisi, kanye nenani ledumela labo nokuphawula ukuze wazi ukwethembeka kwabo.
  4. Lapho uthola okuthengiswayo okuhlangabezana nezimfuneko zakho, qinisekisa inani ozolikhokha bese uqala ukuhweba. Lokhu kuzovula ingxoxo ebukhoma lapho ungakwazi ukukhuluma khona nomthengisi bukhoma.
  5. Phakathi nokuhweba, umthengisi uzokunikeza imininingwane eyengeziwe yendlela yokuqhubeka. Landela iziqondiso ngokucophelela bese uqinisekisa ukuthengiselana lapho usukhokhile.
  6. Lapho umthengisi eseqinisekise inkokhelo, uzokhulula i-USDT egcinwe ngokuphephile ku-escrow yethu bese ingene esikhwameni sakho semali se-Tether ku-Paxful.

Lapho usukuphothulile ukuhweba, ungasebenzisa i-Tether yakho kunoma yini oyithandayo, noma uyithumele kwesinye isikhwama semali.

Njengoba kunezindlela zokukhokha ezingaphezu kwezingu-300 ezihlanganisa ukukhokha ngemali, ukuthumela ebhange kanye namakhadi esipho, ukuthenga i-USDT kulula ngendlela eyisimanga. Awuyiboni indlela yokukhokha oyithandayo? Sitshele sizobe sesizama ukuyifaka enkundleni yethu. Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, hlola Umtapo Wolwazi noma uxhumane nethimba lethu losizo.