Buy from
Khokha nge
Price per Tether
Indlela Yokuthenga I-Tether Ku-Paxful
I-Paxful ihlose ukwenza izinkonzo zezimali zifinyeleleke ezigidini zabantu ezincike kakhulu ezinkonzweni zezimali emhlabeni jikelele. Sikunika inkululeko yokushintsha imali yakho ibe yi-Tether (USDT) futhi uyisebenzise ngendlela obona ngayo; kungaba ukukhokhela impahla noma izinkonzo, ukuvikela amafa ekwehleni kwamandla emali, ukuthenga izimali eziyidijithali, noma ukuzivikela ekungazinzini kwamandla emali.
Emaketheni ye-Paxful elawulwa abantu, ungathenga i-Tether ngokuqondile kwabanye abasebenzisi emhlabeni jikelele. Akuhileleki mabhange, izinkampani noma abalamuli.
Nayi indlela yokuqala:
- Vula i-akhawunti noma ungene kwekhona kakade. Ukubhalisa ku-Paxful kuza nesikhwama semali samahhala lapho ungagcina khona i-USDT yakho.
- Khetha indlela yokukhokha, faka inani ofuna ukulisebenzisa ngohlobo lwemali oyithandayo, bese uchofoza okuthi Funa Okuthengiswayo.
- Yiya kokuthengiswayo ngakunye uhlole imigomo nemibandela yako. Bheka njalo amanani abekwa abathengisi, kanye nenani ledumela labo nokuphawula ukuze wazi ukwethembeka kwabo.
- Lapho uthola okuthengiswayo okuhlangabezana nezimfuneko zakho, qinisekisa inani ozolikhokha bese uqala ukuhweba. Lokhu kuzovula ingxoxo ebukhoma lapho ungakwazi ukukhuluma khona nomthengisi bukhoma.
- Phakathi nokuhweba, umthengisi uzokunikeza imininingwane eyengeziwe yendlela yokuqhubeka. Landela iziqondiso ngokucophelela bese uqinisekisa ukuthengiselana lapho usukhokhile.
- Lapho umthengisi eseqinisekise inkokhelo, uzokhulula i-USDT egcinwe ngokuphephile ku-escrow yethu bese ingene esikhwameni sakho semali se-Tether ku-Paxful.
Lapho usukuphothulile ukuhweba, ungasebenzisa i-Tether yakho kunoma yini oyithandayo, noma uyithumele kwesinye isikhwama semali.
Njengoba kunezindlela zokukhokha ezingaphezu kwezingu-300 ezihlanganisa ukukhokha ngemali, ukuthumela ebhange kanye namakhadi esipho, ukuthenga i-USDT kulula ngendlela eyisimanga. Awuyiboni indlela yokukhokha oyithandayo? Sitshele sizobe sesizama ukuyifaka enkundleni yethu. Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, hlola Umtapo Wolwazi noma uxhumane nethimba lethu losizo.