Sicela ulinde ngesikhathi sisakufunela okungcono kakhulu ongakuthenga noma ongakuthengisa.

Buy from

Khokha nge

Price per Bitcoin

Indlela Yokuthenga I-Bitcoin Nge-Revolut

I-Revolut isetshenziswa amakhasimende angaphezu kwezigidi ezingu-2 futhi ihlinzeka ngezinkonzo ezihlukahlukene zebhange, kuhlanganise ukuthumela imali emazweni aphesheya nake nenkokhelo ye-peer-to-peer. Manje ungasebenzisa i-Revolut ukuze uthenge i-Bitcoin ku-Paxful ngaphandle kokukhokha izindleko ezengeziwe. Nayi indlela yokukwenza:

Into yokuqala okudingeka uyenze ukungena ku-akhawunti yakho ye-Paxful noma uyivule ngokuthi uchofoze okuthi Vula i-akhawunti. Ngemva kokuphothula inqubo yokuqinisekisa i-akhawunti, chofoza okuthi Thenga I-Bitcoin setha i-Revolut njengendlela oyithandayo yokukhokha ukuze ubone okuthengiswayo okufanele. Okuthengiswayo okungcono kakhulu kuvela kubadayisi abathenjwayo futhi indlela yokubathola ukuhlola iphrofayela yomthengisi okhulunyelwa kahle kakhulu. Kalula nje chofoza igama lomdayisi ukuze ubone umlando wakhe wokuhweba kanye nokuphawula okuvela kubantu ahwebelane nabo.

Lapho uthola okuthengiswayo okuthandayo okuvela kumdayisi othenjwayo, chofoza okuthi Thenga ukuze uhlole izimfuneko zakhe zokuhweba. Funda imibandela yohwebo ngokucophelela bese uyilandela njengoba injalo. Chofoza inkinobho ethi "Yamukela Imigomo Futhi Uthenge I-Bitcoin Manje!" uma uyithanda imigomo yokuthengiswayo. Kuzovela ibhokisi lengxoxo ebukhoma lapho ungakwazi khona ukuxoxa nomthengisi futhi umbuze ukuthi unazo yini ezinye izimfuneko.

Qaphela ukuthi i-Paxful isebenzisa isistimu ye-escrow ukuze ikhiyele i-BTC yomthengisi lapho ukuhweba sekuqalile — ngakho imali yakho iphephile.

Lapho usuyithumele inkokhelo ku-akhawunti yomthengisi ye-Revolut, chofoza okuthi Phawula Njengokukhokhelwe ukuze umthengisi akhulule i-BTC ku-escrow. Kanjalo nje! Usuthenge ngokuphumelelayo i-Bitcoin usebenzisa i-akhawunti yakho ye-Revolut.