Sicela ulinde ngesikhathi sisakufunela okungcono kakhulu ongakuthenga noma ongakuthengisa.

Buy from

Khokha nge

Price per Bitcoin

Indlela Yokuthenga I-Bitcoin Nge-PayPal

I-PayPal ingenye yamasistimu amakhulu okuthumela imali ku-inthanethi emhlabeni asetshenziswa esikhundleni samasheke kanye ne-money order. Inikezeka indlela esheshayo yokuthumela nokuthola imali emhlabeni jikelele, kanye nokuphrosesa inkokhelo noma nini noma kuphi.

Manje sekuyenzeka ukuthenga i-Bitcoin ngokushesha usebenzisa i-PayPal kumakethe ye-Paxful peer-to-peer. Ungathola okuthengiswayo okuningana okwamukela i-PayPal njengendlela yokukhokha ethandwayo enkundleni yethu. Uma ungakutholi okuthengiswayo okufanele, ungasungula okwakho okuthengiswayo ukuze uhehe abasebenzisi abafuna ukuhweba nge-BTC besebenzisa i-PayPal.

Ukuze kuhwebwe ngendlela ephephile, abanye abathengisi bangase bafune kuthathwe izinyathelo ezengeziwe zokuqinisekisa umazisi wabantu abahwebelana nabo. Lezi zinyathelo zingase zikucele ukuba uveze amadokhumenti athile njengekhadi le-ID, ama-selfies, kanye/noma izithombe sesikrini. Lokhu kunciphisa ingozi yenkokhelo ewukukhwabanisa kanye nokusetshenziswa kwama-akhawunti e-PayPal okungagunyaziwe, ngaleyo ndlela kwenze i-Paxful ibe yimakethe ephephile.

Imigomo nemibandela yokuthengiswayo ingase ihluke kancane kuye ngokuthengiswayo, ngakho qinisekisa ukuthi uyayifunda futhi uyazamukela izimfuneko zomthengisi ngaphambi kokuba uqale ukuhweba. Ungasebenzisa umshini wethu wokubala i-Bitcoin oku-inthanethi ukuze uthole ukuthi ingakanani i-BTC ongayithenga ngenani onalo ohlotsheni lwemali oyithandayo. Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, ungabukelanevidiyo yethu echaza kahleindlela yokuthenga i-Bitcoin nge-PayPal ku-Paxful.

Lapha ku-Paxfu, sihlose ukwenza lula indlela oshintsha ngayo izimali zakho eziku-PayPal zibe yi-Bitcoin emaketheni yethu ephephile nokulula ukuyisebenzisa ye-peer-to-peer. Thola okungcono kakhulu namuhla.