Sicela ulinde ngesikhathi sisakufunela okungcono kakhulu ongakuthenga noma ongakuthengisa.

Buy from

Khokha nge

Price per Bitcoin

Indlela Yokuthenga I-Bitcoin Ku-Paxful

Thenga i-Bitcoin (BTC) ngenani eliphansi kakhulu okungenzeka uyithenge ngalo kungakhathaliseki ukuthi ukuphi. I-Paxful isebenza ngezimiso zemali yomuntu nomuntu ezikuvumela ukuthenga i-BTC ngemali ephansi esuka ku-10 USD. Ungathenga ngokuqondile kusuka kubantu abanjengawe—ngaphandle kwamabhange noma izinhlangano.

Okuhle kakhulu? Azikho izindleko lapho uthenga i-Bitcoin ku-Paxful. Lokhu kusho ukuthi uthola i-crypto engeziwe ngemali yakho. Ngenxa yezindlela zokukhokha ezicishe zibe ngu-400 kupulatifomu, ungaguqula imali yakho engukheshi ibe yi-Bitcoin ngamawalethi aku-inthanethi noma ukudlulisela imali ebhange. Ungabuye uhwebe ngezinye izimali zedijithali njenge-Ethereum ukuze uthole i-Bitcoin, noma uze uthengise amakhadi wesipho ukuze uthole izingxenye ze-BTC.

I-Paxful ivikelwe isivikelo sezinga lomgodi ongaphansi kwebhilidi futhi izondiswa e-United States njengeBhizinisi Lamasevisi Wemali. Indawo yemakethe ibekwe iso ngokucophelela ibutho lethu labahlaziyi futhi abasebenzisi baqinisekisiwe ukuqinisekisa indawo yokuhweba ephephile. Ngalezi zindlela zokuphepha ezibekiwe, ungaqiniseka ukuthi ukwaziswa kwakho kanye ne-crypto kuphephile nathi.

Nayi indlela ongaqala ukuthenga ngayo i-Bitcoin ku-Paxful:

  1. Bhalisela i-akhawunti ye-Paxful - Vula futhi uqinisekise i-akhawunti yakho ukuze uthole iwalethi yamahhala ye-Bitcoin nokuvikeleka kwe-2FA. Ukusetha i-akhawunti yakho kulula futhi kungenziwa ngemizuzu. Konke okudingayo nje yikheli le-imeyili elisebenzayo, inombolo yefoni, kanye ne-ID ukuqalisa.
  2. Thola umthengisi – Chofoza okuthi Thenga kusuka kumenyu eyinhloko bese ukhetha okuthi Thenga i-Bitcoin. Setha inani ofuna ukulichitha, uhlobo lwemali oluthandayo, kanye nendlela yokukhokha oyithandayo kuwijethi yebha eseceleni ukuthola abathengisi basendaweni nabakwamanye amazwe abafana nezimfuneko zakho.
    Situsa ukuhlunga zonke Izinhlobo Zabasebenzisi (Inxusa, Ilunga, njll.) ukuveza abathengisi abanokwethenjelwa kakhulu ababhekene nokuhlolelwa ukuvikelela okwengeziwe kusuka ku-Paxful.
  3. Funda izimfuneko – Chofoza enkinobhweni ethi Thenga ukubuka imigomo yomthengisi. Kuye ngendlela yokukhokha, umthengisi angabuye akucele ukunikeza isithombe-sikrini semali kusuka kuwalethi yakho eku-inthanethi, isithombe serisidi yokudiphozitha imali ebhange, noma ikhophi yerisidi yekhadi lesipho olithengile. Abanye abathengisi bangabuye bakucele ukuthumela i-selfie obambe kuyo i-ID esemthethweni ngenxa yezinhloso zokuvikelela ezengeziwe.
  4. Qala ukuhweba – Uma uhambisana nemigomo yomthengisi, setha inani le-Bitcoin ofuna ukulithenga kuwijethi bese uchofoza okuthi Thenga manje ukuqalisa ukuhweba. Lokhu kuzovula ingxoxo ebukhoma nomthengisi lapho uzothola khona iziqondiso ezengeziwe zendlela yokuqedela ukuhweba. Ingxoxo ebukhoma irekhoda yonke imiyalezo futhi izokuvikela uma uhlangabezana nanoma yiziphi izinkinga, ngakho-ke sicela ungabi nokukhulumisana ngaphandle kwe-Paxful.
  5. Thumela inkokhelo futhi uthole i-BTC yakho – Lapho nje zonke izimfuneko zifeziwe futhi umthengisi ekunika uphawu lokuqhubeka, dlulisela inkokhelo bese uchofoza okuthi Kukhokhelwe ngokushesha. Kulesi sikhathi, i-BTC yomthengisi ivalelwe kumuntu ophakathi nendawo ogcina imali ukuvimbela umhlanganyeli ohweba naye ukwamukela inkokhelo yakho nokungakhululi i-crypto. Ngokushesha nje lapho umthengisi eqinisekisa inkokhelo yakho, i-Bitcoin izokhululwa kumuntu ophakathi nendawo ogcina imali futhi idluliselwe kuWalethi yakho ye-Paxful.

Okusele nje ukunika umthengisi uvo lokwenzeke kuwe futhi kuyobe kuphelile! Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, ungabuka nevidiyo yendlela yokuthenga i-Bitcoin ku-Paxful eningiliziwe.

Uma unanoma yimiphi imibuzo, sicela uchofoze esithonjaneni sengxoxo ngezansi ngakwesokudla kwekhasi ukuze uxhumane neqembu lethu losizo. Silapha ukuze sikusize 24/7—ngisho nangamaholide!

Ukuthenga i-Bitcoin ku-Paxul kuphephile futhi kulula, kodwa ungakholiswa yilokhu esikushoyo kuphela—funda izibuyekezo zabasebenzisi abangenakubalwa be-Paxful emhlabeni jilelele.