Siyakwamukela ku-Paxful Alliance Masakhe umhlaba ongcono ndawonye

Yiba yingxenye yohlelo olukusiza wakhele emakhonweni akho futhi uthole abantu abanogqozi ababheka izinto njengawe ongabambisana nabo. Hlanganisa izinsiza zakho, xoxa ngombono wakho, sebenzani ndawonye futhi nenzele imiphakathi yenu izinto ezinhle.

Masisebenze ndawonye

Kungani kufanele ujoyine i-Paxful Alliance?

Sihlanganisa izinhlangano nabantu abavela kuzo zonke izizinda. Amabhizinisi, abantu kanye nezinhlangano ezingenzi nzuzo manje zingabambisana emigomweni nasemibonweni efanayo esiza imiphakathi yazo. Kuningi okuzuzwa ngalokhu kubambisana:

Yenza okuhle okwengeziwe

Thola abantu abacabanga njengawe futhi usize abantu abaningi ngokwenza umsebenzi womphakathi owushisekelayo onenjongo.

Tshela abantu abaningi

Bambisana neminkankaso yokusebenza nomphakathi ukuze utshele abantu abaningi kunanini ngaphambili ngomkhiqizo wakho.

Shumayela futhi ufundise

Yenza abantu bazi ngemikhiqizo yakho noma amabhizinisi ezindaweni ezintsha futhi uhambe phambili ekwenziweni kwenqubomgomo emayelana nomsebenzi wakho.

Ukubambisana ngokumelene nobunzima

Hlanganani ukuze nimelane nenincintisana nabo futhi nibashiye ngemuva. Ubunye bungamandla.

Landela imithetho yendawo

Thola usizo olufanele ukuze ibhizinisi lakho lilandele imithetho yasendaweni ezimaketheni ezintsha.

Yandisa izilaleli zakho

Yiya phesheya kwezilwandle, ngena ezimaketheni ezintsha futhi ufinyelele inani elikhulu labasebenzisi ababheka imikhiqizo yakho noma izinsiza.

Thola Ongasebenzisana Nabo

Konke lokho kuzwakala kahle, kodwa awukaqiniseki ngokuthi yikuphi okungakulungela? Kungakhathaliseki ukuthi ukwezobuchwepheshe noma ukuxhasa abantu ngezimali, i-Paxful Alliane ingakulungela.

Imfundo

Siza ekufundiseni imiphakathi mayelana nokwakamuva okwenzeka ezimalini eziyidijithali noma kwezobuchwepheshe

Ezamabhange nezezimali

Shintsha umhlaba wezezimali ngemibono yakho emisha futhi wakhe imikhiqizo emihle ezobumba ikusasa lemali.

Abezindaba Nezomphakathi

Tshela umhlaba wonke umyalezo ofanele, usakazeke kakhulu kunanini ngaphambili

Imakethe yemali eyidijithali

Xazulula izinkinga ezihlukahlukene zemali eyidijithali, hlola izimakethe ezintsha namathuba

Ezokuzijabulisa Nemidlalo

Yiba oholayo kwezemidlalo nezokuzijabulisa ezisekelwe emalini eyidijithali. Yenza yonke imibono yakho emihle yezemidlalo ibe ngokoqobo.

Ezinye

Noma yini enye ofuna ukubambisana kuyo. Ngeke wazi ukuthi ubani ongase ayithande imibono yakho!

Ukulungele ukungena? Masisebenze ndawonye