Yiba yingxenye yohlelo olukusiza wakhele emakhonweni akho futhi uthole abantu abanogqozi ababheka izinto njengawe ongabambisana nabo. Hlanganisa izinsiza zakho, xoxa ngombono wakho, sebenzani ndawonye futhi nenzele imiphakathi yenu izinto ezinhle.
Masisebenze ndawonyeKungani kufanele ujoyine i-Paxful Alliance?
Sihlanganisa izinhlangano nabantu abavela kuzo zonke izizinda. Amabhizinisi, abantu kanye nezinhlangano ezingenzi nzuzo manje zingabambisana emigomweni nasemibonweni efanayo esiza imiphakathi yazo. Kuningi okuzuzwa ngalokhu kubambisana:
Thola abantu abacabanga njengawe futhi usize abantu abaningi ngokwenza umsebenzi womphakathi owushisekelayo onenjongo.
Bambisana neminkankaso yokusebenza nomphakathi ukuze utshele abantu abaningi kunanini ngaphambili ngomkhiqizo wakho.
Yenza abantu bazi ngemikhiqizo yakho noma amabhizinisi ezindaweni ezintsha futhi uhambe phambili ekwenziweni kwenqubomgomo emayelana nomsebenzi wakho.
Hlanganani ukuze nimelane nenincintisana nabo futhi nibashiye ngemuva. Ubunye bungamandla.
Thola usizo olufanele ukuze ibhizinisi lakho lilandele imithetho yasendaweni ezimaketheni ezintsha.
Yiya phesheya kwezilwandle, ngena ezimaketheni ezintsha futhi ufinyelele inani elikhulu labasebenzisi ababheka imikhiqizo yakho noma izinsiza.
Konke lokho kuzwakala kahle, kodwa awukaqiniseki ngokuthi yikuphi okungakulungela? Kungakhathaliseki ukuthi ukwezobuchwepheshe noma ukuxhasa abantu ngezimali, i-Paxful Alliane ingakulungela.
Siza ekufundiseni imiphakathi mayelana nokwakamuva okwenzeka ezimalini eziyidijithali noma kwezobuchwepheshe
Shintsha umhlaba wezezimali ngemibono yakho emisha futhi wakhe imikhiqizo emihle ezobumba ikusasa lemali.
Tshela umhlaba wonke umyalezo ofanele, usakazeke kakhulu kunanini ngaphambili
Xazulula izinkinga ezihlukahlukene zemali eyidijithali, hlola izimakethe ezintsha namathuba
Yiba oholayo kwezemidlalo nezokuzijabulisa ezisekelwe emalini eyidijithali. Yenza yonke imibono yakho emihle yezemidlalo ibe ngokoqobo.
Noma yini enye ofuna ukubambisana kuyo. Ngeke wazi ukuthi ubani ongase ayithande imibono yakho!