I-Paxful ishintsha umhlaba wezezimali. Eminyakeni nje emihlanu sesibe ngenye yezimakethe eziholayo ze-bitcoin peer-to-peer esetshenziswa yizigidi zabantu emhlabeni jikelele. Lokhu kumane kuyisiqalo nje.
I-Paxful yaqala ngokufuna ukwenza umsebenzi olula: ukusiza abantu abayizigidi zezidigidi ezine abashiywe ngemuva abangawasebenzisi nhlobo amabhange noma abawasebenzisa ngezinga eliphansi kakhulu, ukuze bakwazi ukulawula izimali zabo ngendlela abangakaze bakwenze ngayo ngaphambili.
Ray Youssef, CEO (Umphathi Omkhulu)
Ongowokufika ovela e-Egypt okhuliswe maphakathi ne-New York, uRay ubelokhu ekuthanda ukusiza abanye abantu. Kwakuyiphupho lakhe ukubona umhlaba lapho izimali zifinyeleleka kuwo wonke umuntu futhi lowo mbono uye wazala i-Paxful.
Siphila futhi sisebenze silandela imithetho emithathu elula esiqondisa emsebenzisini wethu omkhulu.
Yiba Yiqhawe
E-Paxful, senza imizamo engaphezu kwevamile ukuze sifeze umsebenzi. Sihlale sisebenza ngaso sonke isikhathi ukuze sinikeze abasebenzisi bethu lokho abebelokhu bephupha ngakho. Sigcwalisa iphupho elibonakala lingenakwenzeka lokushintsha ukuphila kwezigidigidi zabantu emhlabeni jikelele.
Yakhelwe Abantu
Lapho senza izinqumo e-Paxful, sicabanga ngabantu—hhayi inzuzo. Siya ezindaweni umhlaba wonke ozikhohliwe nongazinaki. Sisiza imindeni ichume, sakha izikole futhi sivumela abasebenzisi bethu ukuba baziphathe.
Hlala Usondelene Nabantu Emgwaqweni
Siyawulalela umphakathi wethu e-Paxful 24/7. Asihlali emabhilidini amade sigqoke "amasudu"—siba semigwaqweni kanye nabantu. Sihlale sikhuluma nabasebenzisi bethu, sicela ukuphawula kwabo, futhi sisungula okugcono nakakhulu.
I-Paxful ishintsha indlela umhlaba othumela ngayo imali futhi usuyayamukela imali eyidijithali - okuvumela ukuthumeleka kwemali kunoma ubani, noma kuphi, noma nini.
Awunayo i-akhawunti yasebhange? Ayikho inkinga. Sinezindlela zokukhokha ezingaphezu kwezingu-300 ongakhetha kuzo, okwenza kube lula ngawe ukuthumela imali yakho ngendlela othanda ngayo.
Ezobuchwepheshe Ezithola Amandla Kubantu
I-Pexful iyi-peer-to-peer ngokuphelele, okusho ukuthi abasebenzisi bethu bahweba nabantu abangokoqobo—okuyindlela i-bitcoin eyayihloselwe ukusetshenziswa ngayo.
Isikhwama Semali Eyidijithali Samahhala
Sinokwethenjelwa, kulula ukusisebenzisa futhi akunazindleko ozikhokhelayo. Isikhwama sethu semali sinika wonke umuntu indawo ephephile yokulondoloza ingcebo yakhe — kungakhathaliseki ukuthi ungubani noma ukuthi uvela kuphi.
Kuvikelekile
Ukuphepha nokuvikeleka kuyizinto ezibaluleke kakhulu lapho kuziwa emalini yakho. Konke ukuhweba ku-Paxful kuvikelwe yisevisi yethu evikelekile ye-escrow futhi ikwenza ube nokuthula kwengqondo.
E-Paxful sikholelwa ukuthi i-Bitcoin iyikusasa futhi iyithuluzi lokwenza ushintsho. I-Buit with Bitcoin iwumkhankaso wethu wokunikeza amathuba, ukuthuthukisa ukuphila kwabantu kanye nokwenza umhlaba ube yindawo engcono emindenini eludinga kakhulu usizo, kusetshenziswa i-Bitcoin.
Umgomo? Ukwakha izikole ezingu-100, izikhungo zamanzi kanye nezindawo ezigqugquzela ukuqalwa kwamabhizinisi, konke lokhu kuxhaswa yi-Bitcoin. Njengamanje sakha isikole sethu sesine futhi sekusele ezingu-96!
I-Built with Bitcoin iphinde yasiza nasekulethweni kosizo e-Afrika ngesikhathi se-COVID-19—ngosizo lweminikelo yesihle evela kubasebenzisi bethu kanye nabangane siye sakwazi ukuhlinzeka ngokudla, okokubulala amagciwane ezandleni, kanye namanye amathuluzi okuzivikela kulabo abaswele.
Sijoyine! Masishintshe umhlaba ndawonye.
Funda KabanziAmahhovisi emhlabeni jikelele
Izisebenzi ezifuna ukwenza umhlaba ube yindawo engcono
Izilimi ezikhulunywa emahhovisi ethu emhlabeni jikelele
Umsebenzi wokwakha umhlaba lapho khona abantu befinyelela izimali ngendlela
Uma unenkinga yokwesekwa noma uma ufuna ukuphawula ngendlela esingathuthukisa ngayo imikhiqizo yethu, singathanda ukuzwa okwengeziwe ngalokho . Nokho, uma ufuna ukuxhumana ne-Paxful mayelana nezinye izindaba ezithinta ibhizinisi, siyatholakala ngamanye amashaneli.
Abezindaba Nezokukhangisa
Siza ngokusakaza izwi nge-Paxful ngabezindaba nangezikhangiso. Xhumana nathi mayelana nezezindaba ku [email protected].
I-Bug Bounty
Uhlelo lwe-Bug Bounty lukunika ithuba lokuthola inzuzo ngokuthola izinkinga zokusebenza kwesistimu. Zibike kokuthi [email protected]. Thola imininingwane eyengeziwe lapha.
Ama-akhawunti enkampani
Ukuze ubhalise i-akhawunti yebhizinisi ukuze uhwebe njengebhizinisi ku-Paxful, ungathumela i-imeyili kokuthi [email protected]. Thola imininingwane eyengeziwe lapha.
Ukuthengisa Nokubambisana
Ukuze ubuze ngokubambisana nathi. Sitshele uma unesifiso sokubambisana nathi ngokusithumelela i-imeyili [email protected].
Vula eyakho i-akhawunti ye-Paxful bese uyajula ezweni lezimali eziyidijithali.